Iqembu lenguqu ele Burkina Faso linqobe eleGhana 1-0 kumdlalo weAfrica Cup of Nations kwele Gabon ngoMgqibelo.
Umdlali weBurkina Faso, uAlain Traore, ulithele emambuleni ibhola abadlali beGhana bahle banqundeka amadolo.
Kusenjalo, iqembu leEgypt lingqikilana lele Cameroon kumdlalo wama finals eGabon ngeSonto. Zindala zombili.