amalinks wokungena

Breaking News

Kugqitshwa Umbukiso weZimbabwe International Trade Fair


ZITF 2017

Umqondisi wenkampani yeZITF, uNkosikazi Nomathemba Ndlovu uthi umbukiso walonyaka uveze ukuthi ngempela ilizwe selizimisele ukuvuselela umnotho.

Umbukiso wezokuthengiselana lezamabhizimusi oweZimbabwe International Trade Fair ufike emaphethelweni ngoMgqibelo koBulawayo lapho osomabhizimusi abaveze ukuthi basebenze kuhle njalo bakhangelele ukuzobukisa ngomnyaka ozayo.

Ekhuluma emhlanganweni wokucina lentathelizindaba ngoMgqibelo, umqondisi wenkampani yeZITF, uNkosikazi Nomathemba Ndlovu uthi umbukiso walonyaka uveze ukuthi ngempela ilizwe selizimisele ukuvuselela umnotho njalo abafuna ukuzotshala imali bayamukelwa.

Inkampani kahulumede eyeZIMTRADE yenelise ukuletha amankampani edlula itshumi ukuzobukisa amabhizimusi abo. uNkosazana Constance Muleya weMandigonera Enterprises ubonge ithuba abaliphiwe yiZIMTRADE.

Amakolitshi emfundo yaphezulu abebukisa lonyaka e-ZITF njalo isikhulumeli se National University of Science and Technology, uMnumzana Felix Moyo uncome umbukiso walonyaka.

Umbukiso walonyaka, obuqale ngoLwesibili kuyonale iviki, uqhutshwe ngaphansi kwendikimba ethi "Sustainable Industrial Development-Inclusive Competitive Collaborative.”

please wait

No media source currently available

0:00 0:03:09 0:00

Facebook Forum

XS
SM
MD
LG