amalinks wokungena

Breaking News

Kubotshwe Izigebengu Ebesezihluphile Ngokugqekeza Emasontweni Zihlomile eHarare


FILE - Illegally possessed firearms seized by authorities are displayed during a news conference Oct. 9, 2018, in Los Angeles.
FILE - Illegally possessed firearms seized by authorities are displayed during a news conference Oct. 9, 2018, in Los Angeles.

WASHINGTON DC - Amapholisa athi abophe izigebengu ezinhlanu eziyingxenye yeqembu ebeselihluphile ngokugqekeza ikakhulu emasontweni eHarare.

Isikhulumeli samapholisa uMnu Paul Nyathi wazise izolo ukuthi babophe abasolwa laba ngemva kokudubulana labo eGlenview Shopping Center.

Amagama abo nguJohn Chizhanje, Panashe Kaseke, Ephraim Douglas Dube, Emmanuel Munemo kanye loLazarus Mhishi.

Uthi omunye wabasolwa uveze ukuthi basebenza labanye ababalisa uKudakwashe Mudzingwa obizwa njalo ngoUmbro, uKalisto Mavhima, uShonhiwa Mujuru, Brian Murape labanye abathathu abaziwa kuphela ngokuthi nguTK, Sabelo loEazy.

Abasolwa laba babikwa betshontshe imali engange US$180,000 kwenye inkampani ngoMbimbitho.

Izigebengu ezitshotsha zihlomile sezibhahile kakhulu elizweni. Kumaviki ambalwa edluleyo amapholisa adubule abulala ezine eGwanda. UNyathi uthi amapholisa asebenza gadalala ukuqeda lobu bugebengu.

Umeli weSoutherton edale lePhalamende uMnu Peter Moyo utshele iStudio 7 ukuthi amapholisa lamasotsha kumele acutshungulwe ngoba sokuvelile sobala ukuthi amanye awo asebenza lesigilamkhuba.

please wait
Embed

No media source currently available

0:00 0:04:31 0:00
XS
SM
MD
LG